Genesise 16:7 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 7 Kamuva ingelosi kaJehova yayithola emthonjeni wamanzi osehlane, umthombo osendleleni eya eShuri. + Genesise 16:13 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 13 UHagari wabe esedumisa* igama likaJehova, owayekhuluma naye, wathi: “UnguNkulunkulu obonayo,” + ngoba wathi: “Ingabe ngempela ngimbonile ongibonayo?” Genesise 32:24 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 24 Ekugcineni uJakobe wasala yedwa. Ngemva kwalokho indoda ethile yaqala ukubambana naye kwaze kwasa. + Genesise 32:30 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 30 Ngakho uJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* + ngoba wathi, “Ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso nokho ukuphila* kwami kwalondolozwa.” + AbaHluleli 13:21, 22 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 21 Ingelosi kaJehova ayizange iphinde ibonakale kuManowa nomkakhe. Khona-ke uManowa wabona ukuthi kwakuyingelosi kaJehova. + 22 UManowa wathi kumkakhe: “Nakanjani sizofa, ngoba uNkulunkulu lo esimbonile.” + Luka 1:11, 12 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 11 Ingelosi kaJehova* yabonakala kuye, imi ohlangothini lwesokudla lwe-altare lempepho. 12 Kodwa uZakariya wakhathazeka ngalokho ayekubona, wafikelwa ukwesaba.
13 UHagari wabe esedumisa* igama likaJehova, owayekhuluma naye, wathi: “UnguNkulunkulu obonayo,” + ngoba wathi: “Ingabe ngempela ngimbonile ongibonayo?”
24 Ekugcineni uJakobe wasala yedwa. Ngemva kwalokho indoda ethile yaqala ukubambana naye kwaze kwasa. +
30 Ngakho uJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* + ngoba wathi, “Ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso nokho ukuphila* kwami kwalondolozwa.” +
21 Ingelosi kaJehova ayizange iphinde ibonakale kuManowa nomkakhe. Khona-ke uManowa wabona ukuthi kwakuyingelosi kaJehova. + 22 UManowa wathi kumkakhe: “Nakanjani sizofa, ngoba uNkulunkulu lo esimbonile.” +
11 Ingelosi kaJehova* yabonakala kuye, imi ohlangothini lwesokudla lwe-altare lempepho. 12 Kodwa uZakariya wakhathazeka ngalokho ayekubona, wafikelwa ukwesaba.