-
Numeri 15:8-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 “‘Kodwa uma kwenzeka unikela ngeduna lomhlambi wezinkomo libe umnikelo oshiswayo + noma umhlatshelo wokwenza isifungo esikhethekile + noma imihlatshelo ehlanganyelwayo kuJehova, + 9 kufanele futhi ulethe kanye nalelo duna lomhlambi wezinkomo umnikelo wokudla okusanhlamvu + oyizingxenye ezintathu eshumini ze-efa likafulawa ocolekile oxutshwe nohhafu wehini lamafutha. 10 Kufanele ulethe newayini libe umnikelo ophuzwayo, + uhhafu wehini, kube umnikelo oshiswa emlilweni njengephunga elimnandi* kuJehova.
-