-
Duteronomi 23:3-6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 “Akekho umAmoni noma umMowabi ongangena ebandleni likaJehova. + Ngisho nasesizukulwaneni seshumi, akekho enzalweni yabo ongalokotha angene ebandleni likaJehova, 4 ngenxa yokuthi abazange banisize ngesinkwa nangamanzi ngesikhathi niphuma eGibhithe, + nangenxa yokuthi baniqashela uBhalami indodana kaBheyori wasePethori eMesophothamiya ukuba aniqalekise. + 5 Kodwa uJehova uNkulunkulu wakho wenqaba ukulalela uBhalami. + Kunalokho uJehova uNkulunkulu wakho washintsha isiqalekiso saba isibusiso ngenxa yakho, + ngoba uJehova uNkulunkulu wakho ekuthanda. + 6 Kukho konke ukuphila kwakho akufanele nanini wenze noma yini ezuzisa bona. +
-