-
2 Samuweli 12:15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Ngemva kwalokho uNathani wabuyela emzini wakhe.
UJehova wabangela umntwana umka-Uriya ayemzalele uDavide ukuba agule.
-
-
2 Samuweli 12:19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
19 Lapho uDavide eqaphela ukuthi izinceku zakhe zazihlebelana, wavele wabona ukuthi umntwana usefile. UDavide wathi ezincekwini zakhe: “Useshonile yini umntwana?” Zaphendula zathi: “Useshonile.”
-
-
2 Samuweli 13:10-15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 U-Amnoni wayesethi kuThamari: “Kulethe lapha ekamelweni ukudla* ukuze ngidle.” Ngakho uThamari wawathatha amakhekhe amise okwenhliziyo ayewenzile, wawaletha ku-Amnoni umfowabo ekamelweni. 11 Lapho ewaletha kuye ukuze adle, wambamba wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.” 12 Kodwa uThamari wathi kuye: “Hhayi, mfowethu! Musa ukungilulaza, ngoba ayenziwa le nto kwa-Israyeli. + Musa ukwenza into eyihlazo kanje. + 13 Ngizophila kanjani nehlazo elinje? Wena uzoba njengomunye wamadoda angenangqondo kwa-Israyeli. Manje ngicela ukhulume nenkosi, ngoba ngeke ikugodlele mina.” 14 Kodwa akamlalelanga, wasebenzisa amandla wamdlwengula. 15 Ngemva kwalokho, u-Amnoni waqala ukumzonda ngenzondo enkulu kakhulu, kangangokuba inzondo ayesemzonda ngayo yayinkulu kunothando ayemthande ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe!”
-