-
2 Samuweli 14:1-3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 Manje uJowabe indodana kaZeruya + wezwa ukuthi inkosi yayisimkhumbule kakhulu* u-Absalomu. + 2 Ngakho uJowabe wathumela eThekhowa + ukuba kulandwe owesifazane okhaliphile wathi kuye: “Ngicela uzenze umuntu ososizini lokufelwa, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha. + Zenze owesifazane oselile isikhathi eside elilela umuntu ofile. 3 Ngemva kwalokho hamba uye enkosini ufike ukhulume nayo kanje.” Ngakho uJowabe wamtshela lokho okufanele akusho.*
-