-
Eksodusi 1:19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
19 Ababelethisi bathi kuFaro: “Abesifazane bamaHebheru abafani nabesifazane baseGibhithe. Bayimiqemane, basuke sebebelethile kakade lapho umbelethisi efika kubo.”
-
-
Joshuwa 2:3-5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Inkosi yaseJeriko yathumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha amadoda afikele endlini yakho, ngoba azohlola lonke izwe.”
4 Kodwa owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawacashisa. Wabe esethi: “Yebo, afikile kimi lawo madoda, kodwa bengingazi ukuthi avelaphi. 5 Kuthe sekuhlwile lapho isango ledolobha selizovalwa, lawo madoda ahamba. Angazi ukuthi ayephi, kodwa uma ningaphuthuma niwajahe, nizowafica.”
-
-
1 Samuweli 19:12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Ngaso leso sikhathi uMikhali wehlisa uDavide ngefasitela, ukuze eqe abaleke.
-
-
1 Samuweli 19:14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 Manje uSawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide, kodwa uMikhali wathi: “Uyagula.”
-
-
1 Samuweli 21:2IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyale ukuba ngenze okuthile, kodwa yathi kimi, ‘Ungatsheli muntu ngalokho engikuthume kona nangalokho engikuyale ngakho.’ Ngivumelane nezinsizwa zami ukuthi sizohlangana endaweni ethile.
-