-
1 IziKronike 21:24-28IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
24 Nokho, iNkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Cha, kumele ngiyithenge ngemali egcwele, ngoba ngeke ngithathe izinto zakho ngizinike uJehova noma nginikele imihlatshelo eshiswayo ngingakhokhanga lutho.” + 25 Ngakho uDavide wanika u-Orinani amashekeli* egolide angu-600 ukuze athole indawo. 26 UDavide wamakhela lapho uJehova i-altare, + wanikela imihlatshelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo, wabiza uJehova, owabe esemphendula ngomlilo + ovela emazulwini owehlela phezu kwe-altare lomnikelo oshiswayo. 27 UJehova wabe eseyala ingelosi + ukuba ibuyisele inkemba yayo emgodleni wayo. 28 Ngaleso sikhathi, lapho uDavide ebona ukuthi uJehova wayemphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, waqhubeka enza imihlatshelo lapho.
-