-
2 IziKronike 2:13, 14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Manje ngikuthumelela ingcweti enekhono nenokuqonda, uHiramu-abi, + 14 eyindodana yowesifazane wakwaDani kodwa uyise kungumuntu waseThire; ingumakadebona ekusebenzeni ngegolide, ngesiliva, ngethusi, ngensimbi, ngamatshe, ngezingodo, ngoboya obuphephuli, ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, ngendwangu esezingeni eliphezulu, nebomvu. + Ingaqopha noma yini, yenze imiklamo yanoma yiluphi uhlobo. + Izosebenza kanye nezingcweti zakho ezinekhono nezingcweti ezinekhono zenkosi yami uDavide uyihlo.
-