-
2 AmaKhosi 19:19, 20IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
19 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sicela usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena, Jehova, unguNkulunkulu wena wedwa.” +
20 U-Isaya indodana ka-Amozi wathumela lo myalezo kuHezekiya, wathi: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Ngiwuzwile umthandazo + wakho ngokuphathelene noSaneheribi inkosi yase-Asiriya. +
-
-
2 IziKronike 6:24, 25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
24 “Uma abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha ngenxa yokuthi bebelokhu bona kuwe, + bese bebuya badumise igama lakho, + bathandaze + bacele ukuboniswa umusa phambi kwakho kule ndlu, + 25 kwangathi ungezwa usemazulwini, + uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli ubabuyisele ezweni owalinika bona nokhokho babo. +
-