-
1 AmaKhosi 15:25-29IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
25 UNadabi + indodana kaJerobowamu waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. 26 Wayelokhu enza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise + nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. + 27 UBhahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamakhela uzungu, uBhahasha wambulala eGibhethoni, okwakungelamaFilisti, ngesikhathi uNadabi no-Israyeli wonke bevimbezele iGibhethoni. + 28 Ngakho uBhahasha wambulala ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 29 Ngokushesha nje lapho eba yinkosi, wayibulala yonke indlu kaJerobowamu. Akavumelanga ukuba kusale ngisho noyedwa ophefumulayo ongokaJerobowamu; wababhuqa bonke ngokuvumelana nezwi uJehova ayelikhulume ngenceku yakhe u-Ahiya waseShilo. +
-
-
2 AmaKhosi 17:22, 23IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
22 Ama-Israyeli ahamba kuzo zonke izono uJerobowamu ayezenzile. + Awasukanga kuzo 23 kwaze kwaba yilapho uJehova emsusa u-Israyeli phambi kwamehlo akhe, njengoba nje ayekhulumile ngazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. + Ngakho u-Israyeli wasuswa ezweni lakhe wadingiselwa e-Asiriya + lapho ekhona kuze kube namuhla.
-