-
Duteronomi 3:13-16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Yonke ingxenye esele yeGileyadi nalo lonke iBhashani lombuso ka-Ogi ngikunike uhhafu wesizwe sakwaManase. + Sonke isifunda sase-Arigobhi, esingesaseBhashani, sasibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
14 “UJayire + indodana kaManase wasithatha sonke isifunda sase-Arigobhi + kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhati, + waqamba lezo zindawo zaseBhashani ngegama lakhe, ngokuthi iHavoti-jayire, *+ kuze kube manje. 15 UMakiri ngimnike iGileyadi. + 16 AbakwaRubeni nabakwaGadi + ngibanike indawo esukela eGileyadi kuye eSigodini Sase-Arinoni,* inkaba yesigodi yaba umngcele, futhi kuze kufike eJabhoki, isigodi esiwumngcele wabakwa-Amoni,
-
-
Duteronomi 28:63IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
63 “Njengoba nje uJehova ake akujabulela ukunenza nichume nokunandisa, uJehova uyokujabulela nokunibhubhisa kanye nokuniqothula; niyosuswa ezweni esenizolidla.
-
-
Joshuwa 13:8-12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 AbakwaRubeni, abakwaGadi kanye nomunye uhhafu wesizwe sakwaManase balithatha ifa labo abalinikwa uMose ngasempumalanga yeJordani, njengoba nje uMose inceku kaJehova ayebanike lona: + 9 kusukela e-Aroweri, + elisonqenqemeni lweSigodi* Sase-Arinoni + nasedolobheni eliphakathi nesigodi, nalo lonke izwe elisethafeni* laseMedeba kuze kufike eDiboni; 10 nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni, kuze kufike emngceleni wabakwa-Amoni; + 11 kanye neGileyadi nendawo yamaGeshuri namaMahakhati + nayo yonke iNtaba iHermoni nalo lonke iBhashani + kuze kufike eSaleka; + 12 yonke indawo eyayibuswa u-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi. (Wayephakathi kwamaRefa okugcina.) + UMose wabanqoba wathatha izwe labo. *+
-