-
Genesise 13:14-16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 Ngemva kokuba uLoti esehlukene no-Abrama, uJehova wathi ku-Abrama: “Ngicela uphakamise amehlo akho ukuleyo ndawo okuyo, ubheke enyakatho naseningizimu, empumalanga nasentshonalanga, 15 ngoba lonke leli zwe olibonayo, ngiyolinika wena nenzalo* yakho libe ngelenu unomphela. + 16 Ngiyokwenza inzalo* yakho ibe ningi njengesihlabathi somhlaba: uma noma ubani engabala isihlabathi somhlaba, nenzalo* yakho iyokwazi ukubalwa. +
-