-
1 AmaKhosi 16:30, 31IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
30 U-Ahabi indodana ka-Omri wenza okubi kakhulu emehlweni kaJehova kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. + 31 Njengokungathi kwakuyinto encane ukuba ahambe ezonweni zikaJerobowamu + indodana kaNebhati, wabuye wathatha uJezebeli + indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni + ukuba abe ngumkakhe, waqala ukukhonza uBhali + nokumkhothamela.
-
-
2 AmaKhosi 23:4, 5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
4 Inkosi yayala uHilikiya + umpristi ophakeme, abapristi besigaba sesibili nabalindimnyango ukuba bakhiphe zonke izitsha ezazenzelwe uBhali ethempelini likaJehova nezazenzelwe isigxobo esingcwele *+ nezazenzelwe zonke izinkanyezi zezulu. Yazishisa ngaphandle kweJerusalema endaweni eyehlela eKidroni, yathatha umlotha wazo yawuyisa eBhethele. + 5 Yaxosha abapristi bonkulunkulu bezinye izizwe, ababebekwe amakhosi akwaJuda ukuba bashunqise umusi womhlatshelo ezindaweni eziphakeme emadolobheni akwaJuda nasezindaweni eziseduze neJerusalema, nalabo abashunqisa umusi womhlatshelo bewushunqisela uBhali, ilanga, inyanga, imilaza nazo zonke izinkanyezi zamazulu. +
-