-
Isaya 22:20-24IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
20 “ ‘Ngalolo suku ngiyobiza inceku yami u-Eliyakimi + indodana kaHilikiya, 21 ngiyembathise ingubo yakho, ngiyibophe ngebhande lakho lendwangu ngiliqinise, + ngiyinike igunya* lakho. Iyoba nguyise wezakhamuzi zaseJerusalema nowendlu kaJuda. 22 Ngiyobeka isihluthulelo sendlu kaDavide + ehlombe layo. Iyovula kungavali muntu; ivale kungavuli muntu. 23 Ngiyoyibethela njengesipikili endaweni eqinile, iyoba njengesihlalo sobukhosi senkazimulo endlini kayise. 24 Bayolengisa kuyo yonke inkazimulo* yendlu kayise, inzalo nesizukulwane,* zonke izitsha ezincane, izindishi nazo zonke izimbiza ezinkulu.
-