12 “Lapho uJehova eqeda wonke umsebenzi wakhe eNtabeni iZiyoni naseJerusalema, uyojezisa inkosi yase-Asiriya ngenxa yenhliziyo yayo edelelayo nangenxa yamehlo ayo aqhoshayo naziphakamisayo. + 13 Ngoba ithi,
‘Ngizokwenza lokhu ngesandla sami esinamandla
Nangokuhlakanipha kwami, ngoba ngihlakaniphile.
Ngizoyisusa imingcele yezizwe +
Ngiphange ingcebo yazo, +
Ngizozinqoba izakhamuzi njengonamandla. +