32 Nokho, uJehonadaba + indodana kaShimeyahi + umfowabo kaDavide, wathi: “Inkosi mayingacabangi ukuthi bawabulale wonke amadodana enkosi, ngoba ngu-Amnoni yedwa ofile. + Lokhu kwenzeke ngomyalo ka-Absalomu, owanquma ukwenza le nto + kusukela ngosuku u-Amnoni alulaza ngalo uThamari + udadewabo. +