-
2 Samuweli 23:13-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Abathathu ezinduneni ezingu-30 behla ngesikhathi sokuvuna baya kuDavide emgedeni wase-Adulamu, + amaFilisti ayemise amatende eSigodini SamaRefa. + 14 Ngaleso sikhathi uDavide wayesenqabeni, + ibutho lamaFilisti liseBhetlehema. 15 UDavide wathi: “Uma nje ngingaphuza amanzi omthombo osesangweni laseBhetlehema ngingajabula kakhulu!” 16 Lapho ezwa lokho, la maqhawe amathathu afohla angena ekamu lamaFilisti akha amanzi emthonjeni owawungasesangweni laseBhetlehema awaletha kuDavide; kodwa wenqaba ukuwaphuza, wawathululela phansi emhlabathini phambi kukaJehova. + 17 Wathi: “Angisoze ngakwenza lokhu Jehova! Ingabe kufanele ngiphuze igazi + lamadoda abeke ukuphila kwawo* engozini?” Ngakho wenqaba ukuwaphuza. Lezi yizinto ezenziwa amaqhawe akhe amathathu anamandla.
-