-
2 Samuweli 7:12-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Lapho izinsuku zakho seziphelile, + wena usungcwatshwe kanye nokhokho bakho, ngiyobe sengivusa inzalo* yakho ngemva kwakho, indodana yakho uqobo,* ngiyowumisa uqine umbuso wayo. + 13 Yiyo eyokwakhela igama lami indlu, + ngiyosimisa siqine isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. + 14 Ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami. + Lapho yenza okungalungile, ngiyoyiyala ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu. *+ 15 Uthando lwami oluqotho ngeke lususwe kuyo ngendlela engalususa ngayo kuSawule, + engamsusa phambi kwakho. 16 Indlu yakho nombuso wakho kuyohlale kukhona phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi siyoma siqine kuze kube phakade.” ’ ” +
17 UNathani watshela uDavide wonke la mazwi nawo wonke lo mbono. +
-