Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Levitikusi 26:40
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 40 Ngemva kwalokho, bayosivuma isiphambeko sabo, + nesiphambeko nokungathembeki koyise bavume ukuthi baziphathe ngokungathembeki ngokuhamba ngokumelene nami. +

  • Ezra 9:6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 6 Ngase ngithi: “O Nkulunkulu wami, ngizizwa nginamahloni futhi ngiphoxekile. Angicabangi ukuthi ngiyakufanelekela ukuthandaza kuwe Nkulunkulu wami, ngoba iziphambeko zethu zandile phezu kwamakhanda ethu necala lethu likhule laze lafika emazulwini. +

  • Nehemiya 1:6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 6 ngiyacela, indlebe yakho mayilalele namehlo akho avuleke, ukuze ulalele umthandazo wenceku yakho engiwuthandaza kuwe namuhla, ubusuku nemini, + ngokuphathelene nezinceku zakho, ama-Israyeli, njengoba ngivuma izono zabantu bakwa-Israyeli. Sonile, mina nendlu kababa. +

  • IHubo 106:6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    •  6 Sone ngokufana nse nokhokho bethu; +

      Senze okungalungile; senze ngokukhohlakala. +

  • Daniyeli 9:5
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 5 sonile senza okungalungile futhi senza ngokonakala sadlubulunda; + siphambukile emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela