-
Genesise 18:23-25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 U-Abrahama wabe esesondela wathi: “Ingabe ngempela uzobhubhisa olungile kanye nomubi? + 24 Ake sithi kukhona abantu abalungile abangu-50 edolobheni. Ingabe-ke ubuzobabhubhisa ungayixoleli indawo ngenxa yabalungile abangu-50 abakulo? 25 Kuyinto engacabangeki ukuthi ungenza ngale ndlela, ubulale umuntu olungile kanye nomubi ukuze isiphetho solungile nomubi sifane! + Kuyinto engacabangeki ngawe. + Ubengeke yini umaHluleli womhlaba wonke enze okulungile?” +
-
-
1 AmaKhosi 14:1IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 Ngaleso sikhathi u-Abhiya indodana kaJerobowamu wagula.
-
-
1 AmaKhosi 14:13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Wonke u-Israyeli uzomlilela amngcwabe, ngoba nguye yedwa emndenini kaJerobowamu ozongcwatshwa, ngenxa yokuthi nguye kuphela endlini kaJerobowamu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli athole kuye okuthile okuhle.
-
-
2 IziKronike 19:2, 3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 UJehu + indodana kaHanana + umboni wemibono waphuma wayohlangana naye wathi eNkosini uJehoshafati: “Ingabe kufanele usize abantu ababi, + futhi ingabe kufanele uthande labo abazonda uJehova? + Ngenxa yalokhu uJehova ukuthukuthelele. 3 Noma kunjalo, kukhona izinto ezinhle ezitholakale kuwe, + ngoba uzisusile izigxobo ezingcwele* ezweni walungisa nenhliziyo yakho* ukuba ifune uNkulunkulu weqiniso.” +
-