-
1 AmaKhosi 22:29-33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
29 Ngakho inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda bakhuphukela eRamoti-gileyadi. + 30 Inkosi yakwa-Israyeli manje yathi kuJehoshafati: “Mina ngizozifihla ngingene empini, kodwa wena kufanele ugqoke izingubo zakho zasebukhosini.” Ngakho inkosi yakwa-Israyeli yazifihla, + yangena empini. 31 Inkosi yaseSiriya yayiyale izinduna ezingu-32 zezinqola zayo, + yathi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, nilwe nenkosi yakwa-Israyeli kuphela.” 32 Kwathi nje lapho izinduna zezinqola zibona uJehoshafati, zathi: “Nakanjani yinkosi yakwa-Israyeli lena.” Ngakho zaphendukela kuye ukuze zilwe naye; uJehoshafati wakhala ecela usizo. 33 Lapho izinduna zezinqola zibona ukuthi kwakungeyona inkosi yakwa-Israyeli, masinyane zayeka ukumlandela.
-