25 Phakathi naleso sikhathi yayala ukuba kumiswe amaLevi endlini kaJehova, ephethe amasimbali, izinsimbi zomculo ezinezintambo namahabhu, + ngomyalo kaDavide + nokaGadi + umboni wemibono wenkosi nokaNathani + umprofethi, ngoba umyalo wawuvela kuJehova ngabaprofethi bakhe.