-
Eksodusi 20:8-11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 “Khumbula usuku lweSabatha, ukuze luhlale lungcwele. + 9 Uyosebenza, wenze wonke umsebenzi wakho izinsuku eziyisithupha, + 10 kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha kuJehova uNkulunkulu wakho. Akumele wenze noma yimuphi umsebenzi, wena noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma isigqila sakho noma isigqilakazi sakho noma isilwane sakho osifuyile noma isifiki ohlala naso. *+ 11 Ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza amazulu nomhlaba, ulwandle nakho konke okukukho, wabe esephumula ngosuku lwesikhombisa. + Yingakho uJehova alubusisa usuku lweSabatha walwenza lwaba ngcwele.
-
-
Duteronomi 5:12-14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 “‘Gcina usuku lweSabatha ukuze luhlale lungcwele, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile. + 13 Uyosebenza, wenze wonke umsebenzi wakho izinsuku eziyisithupha, + 14 kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha kuJehova uNkulunkulu wakho. + Akumele wenze noma imuphi umsebenzi, + wena noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma isigqila sakho noma isigqilakazi sakho noma inkabi yakho noma imbongolo yakho noma isiphi isilwane sakho osifuyile noma isifiki esihlala emadolobheni* akho, + ukuze isigqila nesigqilakazi sakho nabo baphumule njengawe. +
-