-
Duteronomi 15:1-3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 “Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kufanele nikhulule abantu ezikweletini zabo. + 2 Nansi indlela yalokho kukhulula: Wonke umuntu okweletwayo uyokhulula umakhelwane wakhe esikweletini asenzile. Akufanele axine umakhelwane wakhe noma umfowabo ukuba akhokhe, ngoba kuyobizwa ngokuthi ukukhululelwa uJehova. + 3 Ungasixina isifiki ukuba sikhokhe, + kodwa akufanele umkhokhise umfowenu noma yini akukweleta yona.
-