-
1 AmaKhosi 19:3, 4IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Lapho ezwa lokho wesaba, ngakho wasuka wabaleka esindisa ukuphila* kwakhe. + Wafika eBheri-sheba + kwaJuda, + washiya isikhonzi sakhe lapho. 4 Wathatha uhambo losuku oluya ehlane wafike wahlala ngaphansi kwesihlahla sonwele, wayesecela ukuba afe. Wathi: “Sekwanele manje, Jehova! Ngibulale, + ngoba angingcono kunokhokho bami.”
-
-
Jona 4:2, 3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 Ngakho wathandaza kuJehova wathi: “O Jehova, akukhona yini lokhu okwakungikhathaza lapho ngisesezweni lakithi? Yingakho ngazama ukubalekela eTharishishi + kwasekuqaleni; ngoba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onozwela* nesihe, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho, + lowo odabukayo ngenhlekelele. 3 Manje Jehova, ngicela uthathe ukuphila kwami, ngoba kungcono ukuba ngife kunokuba ngiphile.” +
-