-
2 AmaKhosi 22:18, 19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Kodwa yilokhu okufanele nikusho enkosini yakwaJuda enithume ukuba nibuze kuJehova, “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Ngokuphathelene namazwi owezwile, 19 ngenxa yokuthi inhliziyo yakho yalalela, yazithoba + phambi kukaJehova lapho uzwa engikukhulumile ngokumelene nale ndawo nezakhamuzi zayo—ukuthi zizoba yinto eshaqisayo nesiqalekiso—wase uklebhula izingubo zakho + wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uJehova.
-
-
Luka 15:22-24IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
22 Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe, ‘Sheshani! Khiphani ingubo enhle kunazo zonke, nimgqokise yona, nifake indandatho esandleni sakhe nezimbadada ezinyaweni zakhe. 23 Lethani nethole elikhuluphele, nilihlabe, sidle sihalalise, 24 ngoba le ndodana yami ibifile, manje isiyaphila; + ibilahlekile, manje isitholakele.’ Baqala ukuzijabulisa.
-
-
Luka 18:13, 14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Kodwa umqoqi wentela, emi kude, engathandi ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, wayelokhu eshaya isifuba sakhe, ethi, ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimi,* mina soni.’ + 14 Ngiyanitshela, lo muntu wehlela kwakhe ebhekwa njengolungile kunalowo mFarisi. + Ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyohlazeka, kodwa noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.” +
-