27 Benza izibonakaliso zakhe phakathi kwabo,
Izimangaliso ezweni likaHamu. +
28 Wathumela ubumnyama, kwaba mnyama ezweni; +
Abazange badlubulunde emazwini akhe.
29 Washintsha amanzi abo aba yigazi
Wabulala izinhlanzi zabo. +
30 Ezweni labo kwagcwala amaxoxo, +
Ngisho nasemakamelweni asebukhosini.
31 Wathumela izibawu ukuba zibahlasele
Nezinsensane kuzo zonke izindawo zabo. +
32 Wenza izimvula zabo zaba yisichotho
Wathumela imibani ezweni labo. +
33 Washaya amasimu abo amagilebhisi nezihlahla zabo zemikhiwane
Waphula izihlahla zendawo yabo.
34 Wathi makufike izintethe zibahlasele,
Izintethe ezingenakubalwa. +
35 Zadla zonke izimila ezweni,
Zadla nezithelo zomhlabathi.
36 Ngemva kwalokho wabulala wonke amazibulo ezweni labo, +
Ukuqala kwamandla abo okuzala.