-
Joshuwa 9:18-20IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Kodwa ama-Israyeli awabahlaselanga abaseGibheyoni ngoba izikhulu zenhlangano zazifunge uJehova + uNkulunkulu ka-Israyeli kubo. Ngakho yonke inhlangano yakhononda ngezikhulu. 19 Zonke izikhulu zathi kuyo yonke inhlangano: “Ngenxa yokuthi sifunge kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, asivunyelwe ukubalimaza. 20 Nakhu esizokwenza: Ngeke sibabulale, ukuze uNkulunkulu angasithukutheleli ngenxa yesifungo esisenze kubo.” +
-
-
AbaHluleli 11:34, 35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
34 Ekugcineni uJefta wafika emzini wakhe eMispa, + kwaphuma indodakazi yakhe izomhlangabeza, idlala ithamborini futhi idansa! Yayiwukuphela komntwana ayenaye. Ngaphandle kwayo, wayengenandodana nandodakazi. 35 Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe wathi: “Awu, ndodakazi yami! Waze wangizwisa ubuhlungu,* ngoba uwena lo engimdingisile. Manje sengize ngafunga kuJehova, futhi angikwazi ukushintsha.” +
-