-
Genesise 41:39-41IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
39 UFaro wabe esethi kuJosefa: “Njengoba uNkulunkulu ekubangele ukuba wazi konke lokhu, akekho umuntu onokuqonda nohlakaniphe njengawe. 40 Wena ngokwakho uzophatha indlu yami, bonke abantu bami bazokulalela ngokuphelele. + Ngizoba mkhulu kunawe kuphela ngokuqondene nendima yami yokuba inkosi.”* 41 UFaro waqhubeka wathi kuJosefa: “Bheka, ngikubeka phezu kwalo lonke izwe laseGibhithe.” +
-
-
Genesise 41:48IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
48 Wayelokhu eqoqa konke ukudla kweminyaka eyisikhombisa ezweni laseGibhithe, futhi wayenqwabelanisa lokho kudla emadolobheni. Edolobheni ngalinye wayegcina ukudla okuvela emasimini alizungezile.
-