10 Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, +
Uyohlazeka kakhulu, +
Ushabalale unomphela. +
11 Ngosuku owamela ngalo eceleni,
Ngosuku izihambi ezathumba ngalo ibutho lakhe, +
Lapho abantu bezinye izizwe bengena esangweni lakhe benza inkatho + ngeJerusalema,
Wenza ububi obufana nobabo.
12 Akufanele uluhleke usuku umfowenu ehlelwa ngalo ishwa, +
Akufanele ujabule ngabantu bakwaJuda ngosuku lokushabalala kwabo, +
Akufanele ubenze inhlekisa ngosuku lwabo lokucindezeleka.
13 Akufanele ungene esangweni labantu bami ngosuku lwenhlekelele yabo, +
Akufanele uhleke usuku ehlelwe ngalo inhlekelele,
Akufanele ubeke izandla zakho engcebweni yakhe ngosuku lwenhlekelele yakhe. +