-
Esteri 9:24, 25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
24 Ngoba uHamani + indodana kaHamedatha umAgagi, + isitha sawo wonke amaJuda, wayecebe ukubhubhisa amaJuda + futhi wayenze iPhure, + okungukuthi, iNkatho, ukuze awesabise futhi awabhubhise. 25 Kodwa lapho u-Esteri engena phambi kwenkosi, yabhala lo myalo: + “Icebo lakhe elibi alicebe ngamaJuda + malibuyele phezu kwekhanda lakhe”; futhi walengiswa kanye namadodana akhe esigxotsheni. +
-