24 “Ngakho-ke, wonke umuntu ozwa la mazwi ami awenze uyoba njengomuntu ohlakaniphile, owakha indlu yakhe edwaleni. + 25 Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nomoya wayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala.