-
Genesise 33:12-14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Kamuva u-Esawu wathi: “Masisuke sihambe, mina ngihambe phambi kwakho.” 13 Kodwa uJakobe wathi kuye: “Inkosi yami iyaqaphela ukuthi abantwana bantekenteke + nokuthi ngihamba nezimvu nezinkomo ezincelisayo. Uma ziqhutshwa ngokushesha kakhulu usuku olulodwa, wonke umhlambi uzofa. 14 Ngiyacela, inkosi yami mayihambe kuqala kunenceku yayo, kodwa mina ngizoqhubeka nohambo ngingasheshi, ngihambe ngejubane lemfuyo yami nelabantwana ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.” +
-