-
AbaHluleli 8:2, 3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 Kodwa wathi kuwo: “Yini nje engiyenzile uma ngiqhathaniswa nani? Ayingcono yini imikhothozo yakwa-Efrayimi + kunesivuno samagilebhisi sase-Abhi-ezeri? + 3 UNkulunkulu uzinikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani u-Orebi noZebi, + yini engiyenzile uma ngiqhathaniswa nani?” Lapho esho lokhu,* behlisa umoya.*
-
-
1 Samuweli 25:32, 33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
32 Lapho uDavide ezwa lokhu wathi ku-Abhigayili: “Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, okuthumile ukuba ungihlangabeze namuhla! 33 Kwangathi uNkulunkulu angakubusisa ngokuhlakanipha kwakho! Kwangathi ungabusiswa ngokungivimbela ekubeni necala legazi + namuhla nokuba ngiziphindiselele* ngezandla zami.
-