13 Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, indodana encane yaqoqa zonke izinto yaya ezweni elikude, yasaphaza lapho impahla yayo ngokuphila ukuphila kokuzitika ngamanyala. 14 Lapho isikusebenzise konke eyayinakho, kwaba khona indlala enkulu kulo lonke lelo zwe, yaqala ukuswela.