6 Yilokhu uJehova akushoyo,
INkosi ka-Israyeli + noMhlengi wakhe, + uJehova wamabutho:
‘Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. +
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami. +
7 Ngubani onjengami? +
Makamemeze, asho futhi anginikeze ubufakazi! +
Mabasitshele izinto ezizayo
Nezinto ezisazokwenzeka,
Kusukela ngenza abantu bakudala.