-
1 AmaKhosi 21:15, 16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Kwathi nje lapho uJezebeli ezwa ukuthi uNabhoti ushaywe ngamatshe wafa, wathi ku-Ahabi: “Hamba uyothatha insimu yamagilebhisi kaNabhoti umJizreyeli, + leyo anqabile ukukuthengisela yona ngemali, ngoba uNabhoti akasaphili, usefile.” 16 Kwathi nje lapho u-Ahabi ezwa ukuthi uNabhoti ufile, u-Ahabi wasuka wehlela ensimini yamagilebhisi kaNabhoti umJizreyeli ukuze ayithathe.
-