-
Isaya 20:3, 4IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 UJehova wabe esethi: “Njengoba nje inceku yami u-Isaya ibihamba-ze futhi ingafake zicathulo iminyaka emithathu, njengesibonakaliso + nebika ngokumelene neGibhithe + neTopiya, + 4 kanjalo inkosi yase-Asiriya iyohola izithunjwa zaseGibhithe + nabadingisiwe baseTopiya, abafana kanye namakhehla, behamba-ze futhi bengafake zicathulo, izinqe zabo zihleli obala, ubunqunu beGibhithe.*
-
-
Jeremiya 43:10, 11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Ngemva kwalokho uthi kuwo, ‘Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Bhekani ngibiza uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, inceku yami, + ngiyobeka isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwala matshe engiwafihlile, uyobusa phezu kwawo. + 11 Uyoza alihlasele izwe laseGibhithe. + Noma ngubani ofanelwe yisifo esibulalayo uyobulawa yisifo esibulalayo, noma ngubani ofanelwe ngukuthunjwa uyothunjwa, noma ngubani ofanelwe yinkemba uyofa ngenkemba. +
-