-
2 AmaKhosi 22:12, 13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Ngemva kwalokho inkosi yayala uHilikiya umpristi, u-Ahikamu + indodana kaShafani, u-Akhibori indodana kaMikhaya, uShafani unobhala no-Asaya inceku yenkosi, yathi: 13 “Hambani niyobuza kuJehova, nibuzele mina nabantu nawo wonke uJuda ngokuphathelene namazwi ale ncwadi etholakele; ngoba inkulu intukuthelo kaJehova ngokumelene nathi, + ngenxa yokuthi okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi ngokwenza konke okulotshwe kuyo ngokuphathelene nathi.”
-
-
Jeremiya 39:13, 14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Ngakho uNebuzaradani induna yonogada, uNebushazibani iRabhisarisi,* uNerigali-sharezeri iRabhimage* nawo wonke amadoda avelele enkosi yaseBhabhiloni bathumela 14 ukuba kulandwe uJeremiya eGcekeni Labaqaphi, + bamyisa kuGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani + ukuze ahlale endlini yakhe. Ngakho wahlala phakathi kwabantu.
-
-
Jeremiya 40:5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Lapho uJeremiya esangabaza ukubuyela emuva, uNebuzaradani wathi: “Buyela kuGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani, + lowo inkosi yaseBhabhiloni emmise phezu kwamadolobha akwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma uye nomaphi lapho ukhetha ukuya khona.”
Induna yonogada yamnika ukudla nesipho yase imdedela.
-