-
2 IziKronike 36:20, 21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
20 Yathatha izithunjwa ezasinda enkembeni yaziyisa eBhabhiloni, + zaba yizinceku zayo + nezabantwana bayo kwaze kwaqala ukubusa umbuso* wasePheresiya, + 21 ukuze kugcwaliseke izwi likaJehova elakhulunywa ngoJeremiya, + kuze kube yilapho izwe selikhokhe amasabatha alo. + Zonke izinsuku zokuba kwalo yincithakalo laligcina isabatha, ukuze kuphelele iminyaka engu-70. +
-
-
Ezra 1:1-3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
1 Ngonyaka wokuqala kaKoresi inkosi + yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaJehova elakhulunywa ngoJeremiya, + uJehova washukumisa uKoresi inkosi yasePheresiya ukuba enze isimemezelo kuwo wonke umbuso wakhe, leso asibhala naphansi, + sithi:
2 “Yilokhu uKoresi inkosi yasePheresiya akushoyo, ‘UJehova uNkulunkulu wamazulu unginike yonke imibuso yomhlaba + futhi ungiyale ukuba ngimakhele indlu eJerusalema + elikwaJuda. 3 Ubani phakathi kwenu ongowesizwe sakhe? Kwangathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, amvumele aye eJerusalema elikwaJuda, akhe kabusha indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli—unguNkulunkulu weqiniso—ondlu yakhe yayiseJerusalema.*
-