Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Isaya 58:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Ngenxa yakho bayokwakha kabusha izindawo zakudala eziyincithakalo, +

      Uyovuselela izisekelo zezizukulwane ezidlule. +

      Uyobizwa ngokuthi umlungisi wezindonga ezidilikile, *+

      Umlungisi wemigwaqo okuyohlalwa ngakuyo.

  • Jeremiya 33:10, 11
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 10 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Kule ndawo eniyothi ingamanxiwa akuhlali muntu namfuyo, emadolobheni akwaJuda nasemigwaqweni yaseJerusalema eshiywe dengwane, engahlali muntu namfuyo, kusazozwakala 11 umsindo wokwethaba nowokujabula, + izwi lomkhwenyana nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Bongani uJehova wamabutho, ngoba uJehova muhle; + ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade!” ’ +

      “ ‘Bayoletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova, + ngoba ngiyobuyisa izithunjwa zezwe njengasekuqaleni,’ kusho uJehova.”

  • Amose 9:14
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 14 Ngiyoqoqa izithunjwa zabantu bami u-Israyeli ngizibuyise, +

      Ziyokwakha kabusha amadolobha enziwe incithakalo zihlale kuwo; +

      Ziyotshala amasimu amagilebhisi ziphuze iwayini lawo, +

      Zenze izingadi zidle izithelo zazo.’ +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela