-
Jeremiya 22:24, 25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
24 “ ‘Ngiyafunga,’ kusho uJehova, ‘ngisho noma uKhoniya *+ indodana kaJehoyakimi, + inkosi yakwaJuda, ubeyindandatho yophawu esandleni sami sokudla, bengiyomhluthula ngimsuse lapho! 25 Ngiyokunikela kulabo abafuna ukukubulala, kulabo obesabayo, kuNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni nakumaKhaledi. +
-
-
Jeremiya 52:31, 32IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
31 Ngonyaka ka-37 wokudingiswa kukaJehoyakini + inkosi yakwaJuda, ngenyanga ka-12, ngosuku luka-25 lwenyanga, u-Evili-merodaki inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, wakhipha* uJehoyakini inkosi yakwaJuda ejele. + 32 Wamphatha kahle, wamphakamisa kunamanye amakhosi ayekanye naye eBhabhiloni.
-