28 Bonke bangabantu abanenkani kakhulu, +
Bahambahamba njengabanyundeli. +
Banjengethusi nensimbi;
Bonke bakhohlakele.
29 Isisebenzi sivuthela umlilo ukuze sicwengisise isiliva;
Indawo yokucwenga iyashisa kodwa kuphuma umthofu kuphela.
Isisebenzi senze umlilo washisa kakhulu kodwa yonke imizamo yaso ibe yize, +
Ababi abazange bahlungwe. +
30 Ngokuqinisekile abantu bayobabiza ngokuthi bayisiliva elilahliwe,
Ngoba uJehova ubalahlile.” +