-
Jeremiya 3:6, 7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Ezinsukwini zeNkosi uJosiya, + uJehova wathi kimi: “ ‘Ukubonile yini lokho u-Israyeli ongathembekile akwenzile? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, waya nangaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo ukuze ayofeba khona. + 7 Ngisho nangemva kokuba esenze zonke lezi zinto, ngangilokhu ngithi kufanele abuyele kimi, + kodwa akazange abuye; uJuda yena waqhubeka ebukele udadewabo okhohlisayo. +
-