-
Jeremiya 3:6-8IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Ezinsukwini zeNkosi uJosiya, + uJehova wathi kimi: “ ‘Ukubonile yini lokho u-Israyeli ongathembekile akwenzile? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, waya nangaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo ukuze ayofeba khona. + 7 Ngisho nangemva kokuba esenze zonke lezi zinto, ngangilokhu ngithi kufanele abuyele kimi, + kodwa akazange abuye; uJuda yena waqhubeka ebukele udadewabo okhohlisayo. + 8 Lapho ngikubona lokho, ngamxosha u-Israyeli ongathembekile ngamnika isitifiketi sedivosi + ngenxa yokuphinga kwakhe. + Kodwa udadewabo okhohlisayo uJuda akazange esabe; naye waphuma wayofeba. +
-
-
Hezekeli 16:46, 47IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
46 “ ‘Udadewenu omdala yiSamariya, + ohlala enyakatho* yakho namadodakazi* akhe, + udadewenu omncane ohlala eningizimu* yakho yiSodoma, + uhlala namadodakazi akhe. + 47 Awugcinanga nje ngokuhamba ezindleleni zabo nokulandela imikhuba yabo enyanyekayo, kodwa ngesikhashana nje wawukhohlakele kakhulu kunabo kuzo zonke izinto owawuzenza. +
-