Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Samuweli 2:7, 8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    •  7 UJehova ubangela ubumpofu, abangele nokuceba; +

      Uyehlisa, abuye aphakamise. +

       8 Uvusa umuntu ophansi othulini;

      Uphakamisa ompofu emlotheni, *+

      Ukuze abenze bahlale nezicukuthwane,

      Abanike isihlalo sodumo.

      Izisekelo zomhlaba + zingezikaJehova,

      Ubeka umhlaba phezu kwazo.

  • Jobe 34:24
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 24 Uphihliza abanamandla ngaphandle kokwenza uphenyo,

      Amise abanye endaweni yabo. +

  • Jeremiya 27:5
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 5 ‘Yimi engenze umhlaba, abantu nezilwane ezisemhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami enamandla; futhi ngiwunike noma ubani engithanda* ukumnika wona. +

  • Hezekeli 21:26, 27
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 26 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Susa umshuqulo, ususe umqhele. + Lokhu ngeke kusafana. + Phakamisa ophansi, + wehlise ophakeme. + 27 Ngizokwenza kube incithakalo, incithakalo, incithakalo. Ngeke kube okwamuntu aze afike lowo onelungelo elingokomthetho, + ngikunike yena.’ +

  • Daniyeli 2:21
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 21 Ushintsha izikhathi nezinkathi, +

      Asuse amakhosi abeke amakhosi, +

      Anike abahlakaniphile ukuhlakanipha, nolwazi kulabo abanokuqonda. +

  • Daniyeli 7:13, 14
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 13 “Ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi bheka! kwakuza kanye namafu amazulu, othile onjengendodana yomuntu; + wathola ilungelo lokungena koMdala Wezinsuku, + bamsondeza phambi kwaKhe. 14 Wanikwa ubukhosi, + udumo + nombuso, ukuze abantu, izizwe nezilimi zimkhonze. + Ubukhosi bakhe bungubukhosi obumi kuze kube phakade obungayikudlula, nombuso wakhe awusoze wachithwa. +

  • Luka 1:32, 33
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 32 Iyoba umuntu omkhulu + ibizwe ngokuthi iNdodana YoPhezukonke, + uJehova* uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, + 33 iyobusa njengeNkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, noMbuso wayo ngeke uphele.” +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela