-
Hebheru 9:11, 12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Nokho, lapho uKristu efika njengompristi ophakeme wezinto ezinhle ezase zenzekile, wadabula etendeni elikhulu neliphelele ngokwengeziwe elingenziwanga ngezandla, okuwukuthi, elingelona elale ndalo.* 12 Akangenanga endaweni engcwele negazi lezimbuzi nelamathole eduna, kodwa wangena negazi lakhe, + kwaba kanye kuphela futhi wasitholela ukukhululwa* okuphakade. +
-
-
Hebheru 10:8-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 Ngemva kokuthi kuqala: “Awuzange uyifune futhi awuzange uyamukele imihlatshelo neminikelo kanye neminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono”—imihlatshelo enikelwa ngokoMthetho— 9 ube esethi: “Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho.” + Uqeda okokuqala ukuze amise okwesibili. 10 Ngale ‘ntando’ + singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela. +
-