-
Daniyeli 4:32, 33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
32 uyaxoshwa esintwini. Uzohlala kanye nezilwane zasendle, uzonikwa utshani ukuba udle njengezinkomo, futhi kuzodlula phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke unguMbusi embusweni wabantu nokuthi uwunika lowo afuna ukumnika wona.’ ” +
33 Ngaso leso sikhathi, leli zwi lagcwaliseka kuNebukhadinezari. Waxoshwa esintwini, waqala ukudla utshani njengezinkomo, umzimba wakhe wamanziswa amazolo ezulu, izinwele zakhe zakhula zaze zaba zinde njengezinsiba zokhozi nezinzipho zakhe zaba njengamazipho ezinyoni. +
-