-
Hezekeli 35:10, 11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 “Ngenxa yokuthi uthe, ‘Lezi zizwe ezimbili nala mazwe amabili kuzoba okwami, ngizokuthatha kokubili,’ + nakuba uJehova ayelapho, 11 ‘ngakho ngiyafunga,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘ngizosebenzelana nawe ngokwentukuthelo nomhawu owawubonisa ngesikhathi usebenzelana nabo ngenzondo; + ngizozenza ngaziwe phakathi kwabo lapho ngikwahlulela.
-
-
Zefaniya 2:8, 9IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 “Ngikuzwile ukuhlambalaza kukaMowabi + nenhlamba yabakwa-Amoni, +
Abaklolodele isizwe sami, ngokuzikhukhumeza basongela ukuthatha indawo yaso. +
9 Ngakho-ke ngiyafunga,” kusho uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli,
“UMowabi uyoba njengeSodoma, +
Abakwa-Amoni babe njengeGomora, +
Indawo yezimbabazane, umgodi kasawoti nehlane eliyincithakalo. +
Izinto zabo ziyothathwa abantu bami abasele,
Abasele esizweni sami bayobaphuca izinto zabo.
-