-
Jeremiya 26:8, 9IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 Lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke lokho uJehova ayemyale ukuba akutshele bonke abantu, abapristi nabaprofethi nabo bonke abantu bambamba, bathi kuye: “Nakanjani uzofa. 9 Kungani uprofethe egameni likaJehova, wathi, ‘Le ndlu iyoba njengeShilo, leli dolobha lizocekelwa phansi kusale kungenamuntu ohlala kulo’?” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaJehova.
-